UMYALEZO OVELA KUMPHATHI WENYUVESI
16 DAYS OF ACTIVISM ON GENDER BASED VIOLENCE
Ucwaningo oluvezwe yinhlangano ecwaninga amabhuku ezimali lapha emzansi iKPMG ngo2014 lukhomba ukuthi luyabhebhetheka udlame oluthinta ubulili, futhi ludala izindleko ezingaphezu kwezigidi-gidi unyaka nonyaka. Lokhu kuthinta ukulethwa kosizo, ezokuthutha, ukufona, nokulahlekelwa imiholo.
Noma lesisizumbulu sisikhulu, umonakalo nobuhlungu obudalwa yiloludlame lobulili nocansi kulowo ovelelwe yilenhlekelele, nemindeni ungelinganiseke. Umbiko wamaphoyisa okhishwe ngo 2017 no 2018 uveza ukwenyuka kwezibalo zamacala abikwa eziTeshini zamaPhoyisa athinta ukuhlukunyezwa ngokocansi. Indawo yasEmpangeni iseqhulwini njengoba ilele isishiyagalolunye uma iqhathaniswa nezindawo ezingamashumi amathathu ezihamba phambili ngezigameko zaloluhlobo ezibikwa nsukuzaphuma.
Yize kubonakala sengathi ziphezulu ngokuhlasimulisa umzimba lezizigameko ezibikwayo, eziningi ngokwedlulele yilezi ezingabikwa nhlobo, ezinyathelwa ngezinyawo. Eziningi zalezehlakalo zenzeke esikoleni naseziKhungweni zeMfundo ephakeme. Umonakalo wokuhlukumezeka emzimbeni, ngokomqondo, nangokomnotho kwabathintekayo, awunakulinganiswa. Imibiko iveza ukuthi abafundi abasuke behlukunyezwe ngokocansi bayanqindeka ngisho ezifundweni behlelwe nawumfutho wokufunda, abanye baphethe ngokushiya phansi ukufunda, noma bagcine sebeshintsha isiKhungo. Ngokwemibiko yocwaningo kuvela ukuthi kuningi ukuphazamiseka okwehlukene okugcina kukhubaza osuke evelelwe yilenhlekelele, okunye okuthiya ngisho ingqondo.
Njengesikhungo semfundo ephakeme inhloso yethu ukucija amakhono ngobuchwepheshe nokukhaliphisa ubungcweti ukuze sikhiqize uhlobo lwabantu abayizincushe ekusimamiseni nasekufukuleni izwe ukuze kuhlomule ngisho izizukulwane ezizayo. Siyintuba umhlaba wonke obheka futhi ucubungule ngayo ikusasa lezwe laseMzansi. Asikwazi-ke ukuthula nje sibukele lezizigameko zokuhlukumeza ngokocansi zenzeka nsuku-zaphuma. Kungumsebenzi wethu sonke ukuqinisekisa ukuthi inyuvesi yethu iyindawo ephephile kubafundi nabasebenzi abafuna ukuzithuthukisa nokubamba iqhaza ezwenikazi lakithi.
Ngakho ngiyanimema nonke bafundi nabasebenzi base UNIZULU ukuthi nibambisane nami senze lenyuvesi indawo emelene futhi nengalubekezeleli neze udlame lobulili, ukunukubeza ngocansi kanye nanoma iluphi olunye uhlobo lokucwasa nokubandlulula.
UNIZULU INGEYAMI, INGEYAKHO, INGEYETHU SONKE.
6 Comments
I very delighted to find this internet site on bing just what I was searching for as well saved to fav .alpha tv cy live
It’s nice to see the best quality content from such sites.<a href="https://www.images.google.pn/url?sa=t
I very delighted to find this internet site on bing just what I was searching for as well saved to fav .-vox auf joyn
Thank you for great article. look forward to the continuation.Center Console Organizer Compatible with Toyota 4Runner 2024 2023 2022 2021 2020 2010-2019 Car Interior Accessories Shifter Storage Box Gear Shift Console Side Tray Coin Change Holder Black – Hot Deals
Great post Thank you. look forward to the continuation. – hey dude shoes women
Excellent article! We will be linking to this particularly great article on our website.