Ubuchwepheshe Bokuxhumana Kolwazi

| Umongo Wenjulamcabango Wase-Afrika

Ubuchwepheshe Bokuxhumana Kolwazi

[wpseo_breadcrumb]

Mayelana NATHI

UMnyango Wezobuchwepheshe Bokuxhumana Kolwazi (i-ICT) eNyuvesi yaseZululand uqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo zekhompyutha ekhampasi zigcinwa kahle futhi zisebenza kahle ngaso sonke isikhathi. Ochwepheshe abaqinisekisiwe boMnyango bahlala bekhona ukuze banikeze usizo ezindabeni ezihlobene ne-ICT eNyuvesi.

Izinsizakalo Zethu

Amaseva efayela, ukuthunyelwa kwesofthiwe;

Ukubalwa kwe-bandwidth nokulawula amalebhu abafundi;
Izinsizakalo ze-inthanethi – iposi kanye nokufinyelela i-inthanethi;
Izinsizakalo zeworkshop – ukulungiswa kwehadiwe, ukuthuthukiswa kanye nokufakwa kwesofthiwe; kanye
Ukwakhiwa nokuphathwa kwenethiwekhi.

Mnu L Manci

Umqondisi

Xhumana nathi

Ideski Losizo le-ICT
Ucingo: 035 902 6805/ 6806
I-imeyili: helpdesk@unizulu.ac.za