Inhlangano yababhali uSiba Writers’ Guild ibambisene noMnyango weziLimi Zomdabu Namasiko (UNIZULU) yethula ngokusemthethweni Usiba – Ncamsile Makhambeni District, okuyinhlangano yababhali abangaphansi kwesifunda saseKing Cetshwayo. Lo mbuthano ububanjelwe eNyuvesi yaseZululand, KwaDlangezwa mhla zingama 21 KuNdasa/March 2026. USiba Writers’ Guild, yinhlangano enkulu emumuthe cishe bonke ababhali abadumile KwaZulu-Natal. Ngaphansi kobuholi obusha bukaSolwazi Nakanjani Sibiya, le nhlangano ithathe isinqumo sokuthi kuqanjwe izifunda ngamagama ezingqalabutho ezabamba iqhaza ekuthuthukiseni ulimi lwesiZulu ngemibhalo. Isifunda saseKing Cetshwayo siqanjwe ngengqalabutho uNcamsile Marjorie Makhambeni (uMaGumede).
Lowo owayenguSihlalo wale nhlangano wangaphambilini uSolwazi Langalibalele Mathenjwa uchaze kabanzi ngomsuka nezimpande zenhlangano yababhali Usiba. Uphawule ngeqhaza elabanjwa ngumbhali uNcamisile Makhambeni ekuthuthukiseni imibhalo yesiZulu. Enkulumeni kaSolwazi kuvelile ukuthi lide ibanga eselihanjwe yile nhlangano enesiqubulo esithi “Ayiliwe ngamabhuku” ekufukuleni izinga lemibhalo yesiZulu. Usihlalo uMnu. Mkhize wegatsha Usiba-Ncamisile Makhambeni uhambe emazwini kaMathenjwa wagqugquzela intsha ebithamele lo mbuthano ukuthi ayizibandakanye nokubhala imibhalo yobuciko ukuze ingafadabali. Ababemele iNyuvesi iZululand abavela eMnyangweni weziLimi zoMdabu namasiko uDkt. S.D. Mbokazi, uDkt K.E. Khumalo noDkt. S. Mthembu bakuqinisekisa ukuthi bazimisele ukusebenzisana nale nhlangano yababhali ukusuka manje kuya phambili. Le nhlangano izosebenza ngokubambisana nabafundisi eMnyangweni Wezilimi zomdabu Namasiko. Inhloso ukuthi abafundisi balekelele bafukule ababhali abasafufusa mayelana nokubhalwa kolimi olwamukelekil ukuze kulondolozwe umnotho wolimi. Abafundisi bazophinde balekelele ukuhlela imihlangano lapho bezobe befundisa noma banike umkhombandlela mayelana namasu okusungula indaba esuselwa ekhanda. Inhloso enkulu ukuthi kukhiqizwe imibhalo enohlonze.
Umlando KaNcamsile Makhambeni
Enkundleni yosiba, uMaGumede wabingelela ngonyaka we-1985 ngebhuku elisihloko sithi Amathunzi Ayewukela okuyisihumusho senoveli kaCicely Lock elithi Tajewo and the Sacred Mountain. Emva kweminyakana, welamanisa ngethi “Kwakwenzenjani?” (1992), isihumusho senoveli kaChinua Achebe “No Longer at Ease”. Amabili amabhuku agadla ngawo ebucikweni bomlomo: Amantshontsho (1986), Izaqheqhe (1989). Lezi zizincwadi ziqukethe izinhlobonhlobo zokucikoza kwamaZulu, izinganekwane, izinkondlo zomdabu, izisho nezaga, iziphicaphicwano nokunye.
Igama likaNcamsile Makhambeni njengembongi laqala ukuvela eqoqweni elalihlelwe ngu-C. T. Msimang elisihloko sithi Ibandla LaseNtabeni (1988). Ngemva kwalokho, kwayena wahlela amaqoqo amathathu: Ihluzo 1 (1989), Ihluzo 2 (1989), Ihluzo 3 (1991 Ezinye izinkondlo zakhe ziyatholakala eqoqweni elithi Ugqozi Olumaphiko (2003) elihlelwe ngu-D. B. Z. Ntuli, nelithi Izimbali Zesizwe (2005) elihlelwe ngu-N. G. Sibiya, Amaseko (1990), lapho ebambisene khona no-C. T. Msimang no-D. B. Z. Ntuli. Leli qoqo lemidlalo lazuza umklomelo wokubhalwa kwamadrama okuthiwa yi-NN Ndebele-Centaur Award for Dramas ngonyaka we-1991.
Wabuye wahlela neqoqo lezindaba ezimfushane: Wamnandi Futho (1996) nelithi Sidla Ingqatho Nefutho (2006). Ngowe-1998, ngokubambisana no-D. B. Z. Ntuli bashicilela ibhuku elithi Izimpande, elididiga ubucikomazwi obutholakala ebucikweni bomlomo bamaZulu, emaphephandabeni nasemabhukwini esiZulu kuze kufike kunyaka we-1993. Ngonyaka olandelayo, leli bhuku lahlabana ngomklomelo yi-RRR Dhlomo Award for General Books. Labuye lathola nalowo oqanjwe ngengwazi u-B. W. Vilakazi. Elinye ikhono lakhe ligqame ngowezi-2007 ngenkathi kushicilelwa ibhayografi ethi USiba LwaseGcotsheni ayibhale ngokubambisana no-N. G. Sibiya. Le bhayografi isethulela umlando ngempilo ka-D. B. Z. Ntuli. Miningana imiklomelo ezuzwe uMakhambeni ngenxa yokuphakama kwezinga lamagalelo akhe kwezosiba. UNcamsile uhambe emhlabeni ngowezi-2010.
– Umethuli walo mbiko uSithembiso Mthembu
EMnyangweni weziLimi Zomdabu Namasiko
Izithombe: Lindani Msomi


